IKaizer Chiefs isiyamgojela umdlali emfuna uthuli kwazise isaqhuba izinhlelo zesizini ka-2022/23.

IChiefs isiqedile ngokusayinisa u-Ashley Du Preez noZitha Kwinika kwiStellenbosch, yaphinde yaqeda ngezivumelwano noDillon Solomons, Kamohelo Mahlatsi noGeorge Matlou okungabadlali beSwallows.

Leliqembu liphinde lamemezela ukuqina kwezingxoxo neSekhukhune United ngokaputeni wayo uYusuf Maart ozokhishelwa u-R6 million.

IChiefs isaqhubeka nokushela UKobamelo Kodisang weSC Braga.

UMike Makaab oyimenenja kaKodisang noMahlatsi uthi iChiefs isisondele ekusayiniseni oyedwa umdlali.

“Izingxoxo ziyela emaphethelweni kumdlali oyedwa, angeke ngidalule okuningi ngoba isimo sibucayi kodwa iChiefs isisondele ekuqedeni nomdlali.

Izingxoxo zihamba ngononini, angeke ngidalule igama leqembu, angeke ngikhiphe igama lomdlali ngoba ngizobe sengikhuluma izinto eziningi kakhulu. Ngiyathemba ukuthi kuzolunga izinto eziningi ngesonto elizayo, umdlali uzoqinisekiswa ngokusemthethweni. Kufana nokuthi usesayinile,” kubeka uMakaab kwiGagasi FM.