Umqeqeshi weStellenbosch uSteve Barker uthi uzokhohlwa ngerekhodi lokuzicanasela kwiTS Galaxy uma lamaqembu esetholana kowamanqamu weCarling Knockout eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo. 

IStellenbosch ayikaze yahlulwa iGalaxy emidlalweni engu-8 asebeyidlalile. IStellies sinqobe emidlalweni eyisithupha, imidlalo emibili yaphela zibambene. 

Umdlalo wamanqamu ufike ngesikhathi esihle kwiStellies esesiqede imidlalo engu-9 singayazi induku. EzikaBarker zishaye amagoli angu-17, zadedela amabili kulemidlalo. 

IStellenbosch sagcina ukuthola induku ngoSepthemba, sihlulwa iMamelodi Sundowns ngo 3-1. 

“Kufanele ngibachazele abadlali ukuthi umdlalo wamanqamu uhlukile. Ayisebenzi ifomu emdlalweni wamanqamu. Angeke sibuke imiphumela esayithola sibhekene neGalaxy emidlalweni eyedlule. 

Iqembu linyukelwa intshisekelo yokufuna ukunqoba ngenkani uma usujwayele ukulihlula. Ngicabanga ukuthi iGalaxy izokulwela ukuqeda ishobolo lokungasihluli. Bazofika benomoya wokuzonqoba,” kuchaza uBarker ekhuluma nabezindaba. 

UBarker uthi ezakhe zizohloma zihlasele zibekwa eMabhida kunokuthi balindele ukufakelwa ingcindezi yiGalaxy.

“Kunzima ukugqobhoza iGalaxy. Bayakwazi nokungadedeli amagoli, kungadluleki odongeni lwabo. 

IGalaxy ishaya ngonyawo olusha uma ihlasela. UVidal (Hugo) uhlakaniphile kulendawo ayidlalayo. USebelebele, Mahlangu noMbatha bayingozi enkulu. 

Ngilindele ukuthi basithwalise kanzima uma behlasela. Umgadli weGalaxy unomfutho nesivinini. Kungenzeka baqinise emuva ukuze kungadluleki. Kuzosiza uma sizohlasela zibekwa, singalindeli ukuhlaselwa yiGalaxy. Kufanele siwuphathe umdlalo,” kubeka uBarker.