Umdlali we-Orlando Pirates uFortune Makaringe uzibona zishaya eceleni izinkulumo zokuthi izinga lakhe lehlile selokhu ajoyina iBucs esuka kwiMaritzburg United ngo-2019.
UMakaringe, osayine kwiBucs edume ngokulihlika esiswini, usefundiswe indawo entsha kwezikaMagebhula. UMakaringe uqale imidlalo emithathu eyedlule eyibambe endaweni yesitobha kwesokudla.
“Umuntu othi uMakaringe wehlelwe izinga akajwayele ukubukela i-Orlando Pirates ngeso elibukhali. UFortune wePirates uyazimisela njalo ngesizini.
Sengikhule kakhulu ngokwebhola. Ngidlale ibhola elingcono kwiPirates ukudlula isikhathi engasihlala kwiMaritzburg. Ngiphila iphupho lami kwiPirates,” kuchaza uMakaringe ekhuluma nabezindaba.
IBucs izobhekana neGolden Arrows emdlalweni weligi ozobanjelwa eHamarsdale Stadium ngeSonto. UMakaringe usethubeni lokuqhubeka nokuyibamba emuva njengoba kusalimele uThabiso Monyane noBandile Shandu.
“Indawo engiyidlalayo iyamangaza. Kufanele ngijwayele ngoba ngisemsebenzini uma ngisenkundleni.
IPirates yasayinisa umdlali owayenolwazi lokuthi uzokulungela ukudlala noma yikuphi lapho abekwe khona. Akuthusi ukudlala emuva kwesokudla. Kudala ngizilungiselela lendawo, anginankinga nokudlaliswa kwenye indawo,” kuchaza uMakaringe.