Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBidvest Wits, uXola Mlambo, usezwakalise ukuzisola ngesinqumo sokujoyina iTS Galaxy ngesizini ka-2022/2023, futhi uthi ikhona into eyayimtshela ukuthi ngathi wenza iphutha ngesikhathi esayina.
UMlambo (32), osathungatha iqembu kwiPSL, uveze lokhu engxoxweni neFARPost kulandela ukuhlala izinyanga elinde itransfer clearance kulandela ukunqanyulwa kwenkontileka yakhe.
“Ngeke ngithi singijabulisile isikhathi engisichithe kwiTS Galaxy. Buka izithombe zami ngesikhathi ngisayina…kuningi ezikushoyo.

“Kwesinye isikhathi uma sithatha izinqumo kumele silalele izwi elingaphakathi, buka izithombe ngesikhathi ngisuka kwiChippa ngiya kwiWits. Uyabona kunenjabulo nomfutho. Nangesikhathi ngisuka kwiWits ngiya kwiPirates, nganginokwesaba kodwa uyabona kunokulangazelela…ngingasho okufanayo futhi nangesikhathi sengisuka kwiBucs ngiya kuMaZulu, ngangijabule ngokuqala ikhasi elisha.
“Uma ubuka izithombe zami ngiqeda ukusayina neTS Galaxy, ubuso bami buxoxa indaba. Kwesinye isikhathi ngibuye ngizibuze ngalesi sinqumo. Kungifundise ukuthi ngokuzayo kumele ngikhumbule ukulandela inhliziyo yami.”
UMlambo uthe ngeke esasayina neqembu uma inhliziyo yakhe yenqaba, ngisho ngabe uwudinga kangakanani umsebenzi. Uqhube waveza nokuthi iTS yayingaqali ukumeshela ngoba yake yamzama kusaqeqesha uDan Malesela kodwa kwakhona into emtshelayo ukuthi angasayini.
๐๏ธ #MSW ๐ด๐ฆ๐ฑ๐ฅ @robertmarawa ๐๏ธ
— Marawa Sports Worldwide (@MarawaSportShow) November 8, 2023
๐ฃ๏ธ "๐๐ก๐ฒ ๐ง๐จ๐ฐ?"
Xola Mlambo on his legal battle with TS Galaxy.
๐ป @947
๐ ๐ช๐ฎ๐๐ฐ๐ต โก๏ธ: https://t.co/WExhZhLMPZ#MSWOn947 #SoccerNights pic.twitter.com/d27659xRuz
“Mhlawumbe kwakungamele ngiye khona [kwiTS Galaxy]. Kodwa ke isifundo. Kunezinto okumele zenzeke ukuze uthole isifundo.”
NgoDisemba umnikazi weTS Galaxy, uTim Sukazi, waveza ukuthi uMlambo useyitholile iclearance yokujoyina elinye iqembu kwiPSL.