INewcastle United isimemezele ukuthi uzomiswa izinyanga eziwu-10 ebholeni umdlali wase-Italy uSandro Tonali ophule imithetho yokubheja ebekelwe abadlali e-Europe.
Lo mdlali empeleni kumele ngabe umiswe izinyanga eziwu-18 kodwa ngoba uphumele obala wavuma amacala akhe waphinde waveza nokuthi useqalile ukululekwa ngokomqondo ukuze abhekane nenkinga yokugembula anayo, wephulelwe izinyanga eziwu-8.
Ukube akakwenzanga lokho, waphika nezinsolo, ubengabhekana nokumiswa iminyaka emithathu ebholeni.
Ngokwemibiko evela e-UK ukumiswa kukaTonali sekwenze iNewcastle yakhala kwi-AC Milan ngokuyidayisela umdlali okufanele ngabe ibiyazi ukuthi unalenkinga. Kubikwa ukuthi iNewcastle ifuna ukubuyiselwa ingxenye yemali eyayikhipha.
Khonamanjalo umdlali we-Aston Villa odabuka e-Italy, uNico Zaniolo, uhlangane nabashushisi base-Italy ngoLwesihlanu ezophekwa ngemibuzo mayelana nophenyo ngoTonali.
Ummeli kaZaniolo utshele iSky Sports ukuthi akathinteki ndawo lo mdlali.