Umqeqeshi omusha weSwallows FC, u-Ernst Middendorp, uthi kufana nokuthi isiqedile ngesicoco seligi iMamelodi Sundowns ehamba phambili ngamaphuzu ayisikhombisa nje kuphela esicongweni seligi.
Eqinisweni iSundowns ayikasinqobi isicoco futhi ayisondele neze njengoba kungakadlalwa ngisho imidlalo ewu-20, kodwa abaningi sebeqalile ukuvuma ukuthi akekho osazoyihlupha kakhulu embangweni wesicoco uma ubuka indlela edlala ngayo.
ISundowns iginqe iSwallows ngo 2-0 izolo emdlalweni obekubukeka sengathi uzophela zibambene ngenxa yebhasi ebelipakwe yiDube Birds. Lugcine lugobile uphondo esiwombeni sesibili futhi bekungangena namanye amagoli njengoba iSundowns ishayele unozinti weSwallows izikhawu ezingamashumi amabili.
“Akusalona ihlaya leli ngoba sekucacile ukuthi uma kuphela isizini iSundowns izobe ihamba phambili ngamaphuzu awu-20 okungenani,” kusho uMiddendorp ngemuva komdlalo.
“Ngenxa yezinsiza abanazo, abadlali ababaqukethe basezingeni eliphezulu futhi bayazwana. Ngiyayihalalisela iSundowns ngokunqoba isicoco seligi.
“Akukashayi ngisho uMay kodwa sebengaqala bajabule uma ngibuka umdlalo wanamhlanje. Mina sekungicacele ukuthi sebesinqobile isicoco. Sebengazidlisela bona nje ngokungaqhubeki nendlela abadlale ngayo,” kusho uMiddendorp.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, uthe umhlonipha impela uMazinyo kodwa uyawuphikisa umbono wakhe. Uthe alikho iqembu elinqoba isicoco seligi ngoJanuary.
ISwallows, ekunombolo 15 kwi-log, izobhekana neChippa United ngoLwesihlanu ngo-19:30.