Umgadli uGabadihno Mhango uzimisele ngokunqoba izindebe kuMaZulu njengoba ejoyine esuka kwi-Orlando Pirates.

AmaZulu abambe lofishi omkhulu kwiBucs ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23. UMhango unqobe indebe yomshayimagoli ohamba phambili kwiDSTV Premiership esagijima eMayfair.

Isizini ka-2020/21 imdonsele kanzima uMhango odlale imuzuzu engu-219 kuphela.

Ifomu yakhe eqenjini lesizwe ibihlukile kwazise ushaye into ecokeme kwi-Africa Cup of Nations ngoJanuary nonyaka edlalela iMalawi. UMhango useshaye amagoli ayisithupha emidlalweni emihlanu eyedlule kwiMalawi.

UMhango usayine oSuthwini kanye nabanye abadlali abayisithupha ngesonto eledlule.

Lomgadli inqobe iligi neTelkom Knockout kwiBidvest Wits, uthi uzolisiza iqembu linqobe izindebe.

“Ngijabule ngokujoyina Usuthu, sengilindele ukuqala impilo entsha, ngibone ozakwethu abasha. Ngizogqoka ijezi elisha.

Ngifuna ukunqoba izindebe, ngikhule njengomdlali. Ngifuna ukusiza iqembu lifeze izifiso ezibalulekile linqobe nezindebe. Ngizimisele ngokuwina izicoco, yilokho engikubhekile,” kusho lomdlali.

UMhango ushaye amagoli angu-23, wakhanda amane emidlalweni engu-71 kwiPirates. Uhlale iminyaka emithathu eMayfair.