I-Al Ahly imemezele ukushiya esikhundleni komqeqeshi uPitso Mosimane ngoMsombuluko, okuyizindaba ezithuse abathandi bebhola lase-Afrika.

I-Al Ahly ithi izamile ukuncenga uPitso kodwa yahluleka. Lomqeqeshi uyena ozicelele ukukhululwa kwinkontileka yakhe neqembu.

Izikhulu bezifuna aqhubeke nomsebenzi uPitso obelokhu evika ukugxekwa yizinkakha zeqembu nabezindaba kusukela ajoyina ngo-2020.

“I-Al Ahly noPitso bafinyelele kwisivumelwano sokunqamula inkontileka. UMengameli weqembu uMahmoud El Khatib ubambe umhlangano noSihlalo we-Al Ahly Football Company uHossam Ghaly, ilungu lebhodi nekomidi lezinhlelo zeqembu, bezokhuluma ngekusasa likaMosimane.

Emhlanganweni kuphume igama lokuthi uPitso akaqhubeke nomsebenzi wakhe eqenjini ngoba usezuze okuningi esikhathini asidlale eGibhithe.

Emhlanganweni obubanjwe ngoLwesihlanu, uPitso ucele ukuhamba eqenjini, wabeka ukuthi unelisekile ngezindebe azinqobe neqembu.

Sihlale phansi sidingida isinqumo sikaMosimane, sabona kungcono ukuthi simvumele ahambe. Siyabonga kakhulu ngezindebe azinqobile neqembu,” kubhalwe esitatimendeni se-Al Ahly.

UPitso unqobe izindebe ezinhlanu neRed Devils. Uqukule iCAF Champions League amahlandla amabili, iCAF Super Cup kabili kanye ne-Eguptian Cup.

Ushiya iqembu lihleli endaweni yesithathu kwiligi, lingemuva kweZamalek ngamaphuzu ayisikhombisa. I-Al Ahly inemidlalo emine esandleni.

Emidlalweni engu-97 ahole kuyo iqembu, uPitso uhlulwe kwelishumi.