Umqeqeshi weChippa United, uMorgan Mammila, osebizwa ngomfundisi ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yendlela agqoka ngayo, kubukeka isiqala ukumcika eyokubuzwa ngesikhundla sakhe kuleli qembu.
UMammila uzwakalise ukunengeka ebuzwa ngalokhu ngemuva komdlalo wabo neCape City abadliwe kuwo ngo 2-1 ngoLwesibili.
Umfundisi udliwa nje ubeseqophe umlando ngokuba wumqeqeshi wokuqala ukunqoba imdlalo emine ilandelana kwiChilli Boys.
“Ungibuza umbuzo olula,” esho ephendula intatheli.
“Uma ubheka iteam sheet, eceleni kwegama lami kukhona uhead coach. Ubuza ihead coach ukuthi yini isikhundla sayo? Nakhu kubhaliwe nje.”
UMammila uqhube wancoma iCap Town City ngokunqoba lo mdlalo ngebhola elihle.
“Besinecebo kodwa besidlala neqembu elingasabi ukudliwa. ICape Town City ilandele indlela yayo yokudlala ngisho ngabe kuthiwa kwenzekani. Baphethe ama-wing back awadlula onke amanye kwiligi.
“Sichithe isikhathi esiningi sizama ukuvimba ama-wing back ayo. Sihlulekile ukusebenzisa ibhola ngendlela efanele ezikhaleni abebezishiya emuva. Sikwenze kanye lokho sathola igoli.”
UMammila uthe sebezogxila kumdlalo wabo olandelayo neRichards Bay athe ithembela ekuhlaseleni ngokuzuma.
“Okungijabulisayo nje ukuthi sesivalele amagoli imdlalo emihlani ilandelana, ngakho ukukora akuyona inkinga.”