Umdlali oyibamba esiswini kwiKaizer Chiefs, uNjabulo Blom, kubikwa ukuthi angase ajoyine elinye iqembu eligijima kwiDStv Premiership uma isimo afuna silungiswe kwinkontileka yakhe singalungiseki.

UBlom njengamanje usayingxenye yeqembu njengoba evame ukuqala imidlalo kodwa ngokombiko weSoccer Laduma, iChiefs izama ukumdayisela iSuperSport United. Ngokwemibiko evele ngesonto eledlule, kukhona umdlali weSuperSport Amakhosi azimisele ngokumsayinisa, kungenzeka uBlom abe yingxenye yalezo zingxoxo.

Namanjne imenenja kaBlom ayikasho lutho ngokuxazululeka kwesimo salo mdlali ngemuva kokuzwakalisa ukungenami ngemali ayiholayo uma eqhathaniswa nabanye abadlali eqenjini.

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane muva nje usanda kuveza ukuthi okumjabulisayo ukubona uBlom edlala, ezinye izinto uthe zilungiswa yiqembu nabaphathi bakhe.

Egcina ukuphula ngalo mdlali uBobby Motaung wathi uBlom akayi ndawo.

“Sizama ukulungisa isimo sakhe ngaphandle komsindo. Sayizwa i-agent yakhe, kodwa udaba silulungisa nomndeni wakhe. Umdlalo ophuma kwinkulisa yethu lo,” kusho uBobby oKhozini.

UBobby waqhuba wathi lo mdlali ngeke alijoyine elinye iqembu elidlala kwiPSL, uyohamba kuphela uma kukhona iqembu laphesheya elimfunayo.