Intatheli Yezemidlalo
Uyaqhubeka umdonsiswano phakathi komdlali weCape Town City uMduduzi Mdantsane neqembu lakhe lakudala iBaroka okubikwa ukuthi bazoma ngaphambi kwekomidi eliqondisa izigwegwe iDisrepute Resolution Chamber (DRC) ukuxazulula udaba lwemali okumele ikhokhelwe umdlali.
UMdantsane (25) ukhonjwe indlela kwiBaroka ngesizini edlule njengoba ebenqaba ukusayina inkontileka entsha. Kubikwa ukuthi iBaroka ibinqaba ukunikeza lomdlali isitifiketi esimkhulula ukuba ajoyine elinye iqembu.
Kubikwa ukuthi iBaroka bekumele ikhokhele lomdlali imali ngaphambi kokuba asayine kwiCityzens kodwa yashaya phansi ngonyawo.
Usekela nobhala weSouth African Football Players Union uCalvin Motloung ukuqinisekisile ukuthi uMdantsane ucebe iBaroka kwiDRC ngodaba lwemali abamkweleta yona.
“Udaba seludluliselwe kwikomidi eliqondisa izigwegwe. Sesilinde usuku lokuqulwa kodaba. Okwamanje, angikwazi ukukhipha eminye imininingwane kodwa udaba lumayelana nemali engakhokhiwe yomdlali,” kusho uMotloung ecashunwa abeKickOff.
Ebuzwa ngaloludaba, uMqondisi wezokuxhumana kwiBaroka uRichard Mashebane uphikile ukuthi iqembu likweleta uMdantsane imali.
“Siyalwazi udaba lweDRC. Ayikho imali esiyikweleta lomdlali,” kuphika uMashebane.