Intatheli yezemidlalo

Imibiko yamaphephandaba eScotland iveza ukuthi umqeqeshi we-Amiens uLuka Elsner usedonse ngendlebe umdlali weBafana Bafana uBongani Zungu ngokuthi azitholele iqembu elisha ngoba akasafuni ukudlalela ezakhe.

UZungu (27) ubemataniswa neRangers yaseScotland emasontweni adlule kodwa namanje usaziqeqesha ne-Amiens yaseFrance.

Lomdlali ubengakaze abonakale emidlalweni ye-Amiens yokulungisela isizini ka-2020/21.

“Ngizosebenza nabadlali abazimisele ngeqembu. Sidinga abadlali abakhuthalele ukusiza iqembu, abafuna ukuhamba ngeke ngibadlalise. Ngifuna abadlali abazozinikela ngokuphelele emidlalweni. Iligi izoqala emasontweni amabili futhi ngeke ngikwazi ukusebenza ngabadlali abangacacisi ngekusasa labo,” kuchaza u-Elsner ecashunwa iScottish Sun.

Kubikwa ukuthi uZungu ubefunwa amaqembu aseGermany kodwa iRangers iyona esethubeni elihle lokusayinisa lomdlali.