Umdlali omusha we-Orlando Pirates, uPatrick Maswanganyi, usephumele obala ngesifiso sakhe sokuqopha umlando neZimnyama kulandela ukushaya into ecokeme kwimidlalo yokulungiselela isizini entsha eSpain.
UMaswanganyi uyingxenye yabadlali abasha beBucs, okubalwa kubo noMelusi Buthelzi, Katlego Otladisa noSiphelo Baloni.
Lo mdlali usekore kabili kwimidlalo yobungani eSpain kanti nabalandeli beBucs bajabule ngabakubona kuye.
“Kuyangijabulisa ukuba yingxenye yale kilabhu. Ngijabule kakhulu njengamanje,” kusho uMaswanganyi ekhuluma noMichael Vlismas.
“Ozakwethu bayamangalisa futhi bangisize kakhulu ukuthi ngizinze. Ngesikhathi esincane esengisichithile ngizizwa ngikhuphuka kwizinga lokudlala nangendlela enginyakaza ngayo enkundleni. Ngifuna ukufunda kabanzi ngebhola, ngiseqenjini elikhulu futhi ngifuna ukuba yingxenye yomlando we-Orlando Pirates.”
Lo mdlali uthe ukubuyela kwePirates kwiCAF Champions League kuzoyisiza ikwazi ukuzivivinya ngamaqembu ahamba phambili e-Africa.