Abathandi bebhola abawezwe ngendaba amathikithi owamanqamu weNedbank Cup kodwa abafisa ukubamba umoya wasenkundleni yezemidlalo bangahlanganyela nabanye ezindaweni ezimbili ezihlinzekwe wumasipala weTheku. Eyodwa yazo bekuhlala amaphara kuyo.

Esithangamini sabezindaba esibizwe yiPSL izolo, umkhandlu uveze ukuthi abantu bangawubamba e-Albert Park noma eBeachfront umdlalo wamanqamu ophakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngo 15:30 ntambama.

Umasipala uzofaka ama-screens kulezi ndawo zombili ukuze abantu baphume ngobuningi babo bezobukela umdlalo njengoba bexwayisiwe abangenawo amathikithi ukuthi bengasondeli enkundleni.

I-Albert Park sekunezinyanga ilunguswa. Kwaqala ngokususwa kwamaphara abeseyiphendule ikhaya lawo, kwase kwabiyelwa ngocingo esiqale ukukubona emasontweni ambalwa edlule.

Njengendlela yokukhombisa ukuthi le ndawo isihlanzeke kangakanani, imeya yeTheku uCyril Xaba kulindeleke ukuthi iwubukele khona lo mdlalo nayo.