Umqeqeshi oyibamba kwiBaroka uMorgan Mammila uthi abantu abangabaza iqembu lakhe bazoshintsha ukukhuluma ngoba bazoyishaya i-University of Pretoria (TUKS) emdlalweni wePSL Promotional Playoffs ngoLwesithathu.
IBakgaga iyibambe emsileni kumaPlayoffs ngemuva kwemidlalo emibili. Inephuzu elilodwa elithole ngoMgqibelo ibambana neRichards Bay ngo 0-0 eGlobal Stadium.
IBay iqhwakele ngamaphuzu amane, kulandele amaTuks asele ngephuzu elilodwa endaweni yesibili.
UMammila, obuyiswe kwiBaroka ngesonto eledlule, unethemba lokuthi bazoyishaya iTuks abazoyisingatha namuhla.
“Nizoshintsha ukukhuluma uma sengiwinile ngoLwesithathu. Bonke abantu bazoyeka ukusingabaza, bazobona iqembu elinethuba lokunqoba kumaPlayoffs. Kubukeka sengathi asinalo ithuba okwamanje kodwa sisalelwe imidlalo emibili njengamanye amaqembu.
“AmaTuks asishiya ngamaphuzu amabili kuphela. Asitatazeli, silinde imiphumela kulemidlalo esele. Alikho iqembu elingakubeka obala ukuthi linethuba lokudla umhlanganiso kumaPlayoffs. Amaqembu asethubeni lokunqoba kumaPlayoffs azobonakala ngoLwesithathu,” kuchaza uMammila ekhuluma nabezindaba.
UMammila ukholwa ukuthi iphuzu abalithola bedlala neBay libanikeze upotsho
“Iphuzu lisinikeze isikhathi esengeziwe. Sinethuba lokubuyela (esigabeni esiphezulu) uma singanqoba lemidlalo emibili esele. Kufanele silinde ngoba kunomdlalo wangomhlaka 15.
“Sizodla umhlanganiso uma singanqoba imidlalo yethu, kusale ukuthi simincele umdlalo wezitha (Tuks & Richards Bay). Unzima umjaho kulesizini ngoba imidlalo iphela ngegoli elilodwa. Kunzima ukuqagela,” kusho uMammila.
IBakgaga izokwamukela AmaTuks eGlobal Stadium namuhla emini (15:00). Leliqembu elizinze eLimpopo lingafaka unyawo olulodwa kwiDStv Premiership uma lihlula AmaTuks.