UMholi we-EFF uMnuz Julius Malema uzibophezele ekutheni aliqale kabusha iqembu njengoba lihlakazwe yisivunguvungu esifike neMK Party esifundazweni saKwaZulu-Natal.
UMalema ubeke kanje ekhuluma enkonzweni yomngcwabo kaMama Twala ebibanjelwe eNewcastle, ngeSonto. Umufi ubengunina kaMongezi Twala, ongusihlalo we-EFF KwaZulu-Natal.
UMalema uncome umufi ngegalelo lakhe ekukhuliseni umholi ofana noTwala.
“Mongezi, angeke ngizenze umuntu obemazi unina wakho. Engizokusho ukuthi ubengumuntu olungile ngoba ukwazile ukukhulisa wena. Unina ngimazi ngawe ngoba uyisithelo semizamo yakhe. Njengoba sizombeka endlini yakhe yokugcina, ngifisa ukusho ukuthi mama Twala, lala mama usebenzile,” kubeka uMalema.
UMalema uphawule nangokubhacaza kweqembu okhethweni lukazwelonke ngomhlaka 29 kuMeyi. I-EFF yakhala ngaphansi kulesifundazwe, yehlela ku-2% wamavoti ekubeni yayithole u-10% ngo-2019.
“Umama ushone ngesikhathi sisazama ukuthola izimpendulo ngokubhacaza kweqembu okhethweni, ikakhulukazi kulesifundazwe. Ushona ngesikhathi esibi uMongezi ezama ukuvika isivunguvungu esikhahlameze wonke umuntu eKZN esibizwa ngoMkhonto weSizwe (MK Party).
“Isivunguvungu sishaye kwazwela. UMongezi useshonelwa unina ekubeni esazama ukuqonda lesivunguvungu esifikile. Ngizwa ubuhlungu obunzima ngoba angikwazanga ukutshela umama Twala ukuthi ngiziqhenya kangakanani ngendodana yakhe ebhekene nesivunguvungu, engakaze ikhombise ubugwala
“Iqiniso ukuthi lelikhehla laseNkandla (Jacob Zuma) lisimangaze sonke. Kodwa angeke siyekele i-EFF ibhidlike. Sizoyakha kabusha nendodana yakho eKZN. Sizobuyela empini nesosha olizele, sibuyise amandla ngokuzikhandla nokuzinikela emsebenzini wethu.
UMalema ugadle nakuHulumeni wokubambisana (GNU), wathi lesivumelwano sisebenzela i-ANC neDA kuphela.
“Ikhehla (Zuma) lihlanganaphi nekusasa lezwe? Ubumbano kubantu abamnyama kufanele luholwe abantu abafana noMongezi ongaphansi kweqembu elinomthetho oqinile. Angeke uhole abantu abampisholo ungaziqondi izingqinamba ababhekene nazo. I-EFF iyona enendaba nezimpilo zabantu abampisholo,” kubeka uMalema.
UMalema ucele uTwala ukuthi angabalaleli abantu abazama ukuhlukanisa iqembu ngokusabalalisa izindaba ezingamanga.
Lokhu kulandela ukwesula kukaFloyd Shivambu owayeyisekela kwi-EFF. UShivambu usejoyine iMK Party, emnikeze isikhundla esisha kuzwelonke.