Umdlali weRoyal AM uKabelo Mahlasela uthi sebeyilungele iKaizer Chiefs abazotholana nayo emdlalweni weDSTV Premiership eHarry Gwala Stadium ngeSonto emini.
IChiefs ayikaze iyihlule iRoyal AM kwiligi selokhu uShawn Mkhize wathenga leliqembu ngo-2021.
IThwihli Thwahla yahlula iChiefs emidlalweni emibili yeligi ngesizini yokuqala kamqeqeshi uJohn Maduka.
IRoyal AM ingaphansi kwengcindezi njengoba ilengela engozini yezembe. Leliqembu lihleli ngesinqe esisodwa kumbolo 14, lishiya iRichards Bay ngamaphuzu amane.
“Angeke sitatazele. Ngiyabathemba abadlali beqembu, banesipiliyoni. Abalandeli bethu bazofika ngobuningi bezokweseka iqembu. Bazosiza ukuze singatatazeli.
Sizicijile siyiqembu, siyazikhandla ejimini ukuze sizonqoba. Sesilinde umdlalo wangeSonto,” kuchaza uMahlasela oseke wadlalela iKaizer Chiefs ngaphambilini.
Umqeqeshi uMaduka uthi ukubhekana neChiefs kuyabagqugquzela abadlali.
“Kuhle ukubhekana neqembu elifana neKaizer Chiefs ngoba uyagqama uma uzobahlula. Kufanele sizimisele emidlalweni enzima, yingakho ngikujabulela ukubhekana neChiefs,” kusho uMaduka.
Lamaqembu acazelana amaphuzu emzuliswaneni wokuqala eshukana eFNB Stadium ngoSepthemba.