Ukapteni we-Orlando Pirates, u-Innocent Maela, useyivumile induku yeMamelodi Sundowns ebholeni lakuleli, kodwa uthi neZimnyama sezisondele ezingeni layo.

IPirates izobhekana neSundowns emdlalweni weDStv Premiership kusasa ngo-19:30, e-Orlando Stadium. Ngesizini edlule iPirates iqalile ukukhombisa izimpawu zokuthi ihlela ukuyiphefumulisa ngamapayipi iSundowns iyihlwitha iziococo ezimbili; MTN8 neNedbank Cup. Kwiligi nokho, isazihambela yodwa.

“Uma ubuka, akuyona imfihlo, bayiqembu elinempumelelo. Benza izinto ngendlela futhi sebevuna izithelo. Siyazi okufanele sikwenze ukuze sifinyelele ezingeni labo sibadlulke. Ngicabanga ukuthi konke kusahamba kahle,” kusho uMaela.

“Ukubhekana nabo emdlalweni weligi sihlale sikubheke ngabomvu. Siyazi singashaya noma iliphi iqembu kwiligi.”

UMaela uthembise umdlalo omnandi e-Orlando Stadoum ngoba kubhekene amaqembu adlala ibhola elidla utshani.