UJohn Maduka uthi iqembu lakhe likhombise ukuqina ukhakhayi lishaya i-Orlando Pirates ebithwelelwe ngeqoma ngaphambi komdlalo.

ITeam Of Choice inqobe ngo 1-0 okube iphenathi evalelwe enethini u-Amadou Soukoma ngomzuzu ka-83.

UMaduka uthi umehluko omkhulu wenziwe yizitobha, watusa nezinguquko ezenziwe ekuqaleni kwesiwombe sesibili.

“Abalandeli bawushubisile umdlalo, abadlali byathokoza uma abalandeli begcwele kanje. Abalandeli bafike ngobuningi, bezokweseka womabili amaqembu.

Amaqembu abehlaselana zibekwa kwaze kwaphela umdlalo. Umdlalo ubushubile kakhulu. Siqale ngegiya eliphansi kodwa Besilindele ukuthi ihlasele iPirates.

Sikwazile ukuyimaka yize isihlasele kakhulu. Sikhande amathuba amaningi ukudlula iPirates. Sivale zonke izikhala abekade befuna ukudlala kuzona esiwombeni sokuqala.

Bekufanele sivake kahle emuva. Bengishilo umdlalo ungakaqali. IPirates idlala ibhola elihlaselayo, izozama ukuhlasela ngabadlali bonke. Bekufanele siyimake ngokukhalipha, sicuphe ukuyihlasela.

Sidlale kangcono esiwombeni sesibili, uTumelo (Njoti) noKarim (Kimvuidi) bebengakwazi ukugijima beyosiza u-Amadou. Ukufaka uFriday (Samu) kusizile kwajika izinto. Kulunge kakhulu sesidlalisa uSiboniso (Conco). Sikwazile ngokuthola iphenathi,” kubeka uMaduka ekhuluma nabeSupersport TV.

UMaduka uthi uyajabula ngoba bakwazile ukusebenzisa iphenathi abayitholile.

“Lomdlalo ufuna uwuhlelele kahle. Kunzima ukuthola amathuba uma udlala neqembu elifana nePirates. Kuyaphoqa ukuthi uhleleke enkundleni, ulindele ukugadla ngesikhathi esivelayo.

Kuthatha umzuzu ukushaya igoli, besilindile ukuze sizogadla. Siyajabula ngoba siwinile,” kubeka lomqeqeshi.

UMaduka uphinde wancoma abadlali bakhe ngokuzinikela ngokuphindiwe kulomdlalo.

“Ngiyaziqhenya ngabadlali. Bazimiselile. IPirates iyiqembu elinzima kakhulu. Besilindele ukuthi isihlasele ngesikhathi sishaya igoli kuqala.

Besilindele ukuthi basifakele ingcindezi. Bakwenzile lokho, sakwazi ukumelana nabo.

Unozinti (Ndlovu) ubekwelinye izinga namuhla kanye nezitobha. Ngiyaziqhenya ngabadlali. Bakhombise ukuqina ukhakhayi, sikwazile nokuvala iPirates,” kubeka lomqeqeshi.