Yize esezibonela ukuthi iKaizer Chiefs ibuthuntu phambi kwamapali, umqeqeshi u-Arthur Zwane ukholwa ukuthi zizojika izinto njengoba sekukhona umgadli uBonfils-Caleb Bimenyimana.

IChiefs iphinde yahluleka ukushaya igoli ibambana naMaZulu ngo 0-0 ngoMgqibelo eFNB Stadium.

UDillan Solomons ugeje iphenathi, okuyilona lodwa ithuba elicacile elitholwe iGlamour Boys kulomdlalo.

UBimenyimana (24) ungene esuka ebhentshini esiwombeni sesibili, ezovala indawo ka-Ashley Du Preez.

Kusukela baxebula iMaritzburg United ngo 3-0 ngenyanga edlule, iChiefs ibingakaze ishaye igoli elikhandwe abadlali emidlalweni emine. Kwasiza iphenathi kaSolomons ngesikhathi beshaya iRichards Bay ngo 1-0 ngenyanga edlule.

UZwane uthi angeke bathwese uBimenyimana ijoka lokushaya amagoli eyedwa.

“Kuyinto esikhathazayo ukungawashayi amagoli. Ibhola lamanje lifuna uqaphele bobathathu abagadli obasebenzisayo. Angeke sithwese umgadli oyedwa ijoka lokuqhulula amagoli. Kodwa kufanele asitakule.

UBimenyimana unobude futhi uyashesha. Ngicabanga ukuthi uzosiza kakhulu, sikwazi nokuhlasela ngendlela ehlukile. Silindele ukuthi asishayele amagoli kodwa bazomsiza abanye abagadli. Angeke ashaye amagoli eyedwa,” kubeka uZwane ekhuluma nabezindaba eFNB Stadium.

UZwane uthi angeke besayinise abadlali abasha yize iwindi lizovalwa ngomhlaka 22 kuSepthemba.

Lomqeqeshi uthi iqembu lakhe liqine ngokwanele, yonke indawo ibanga abadlali ababili. Uthi bazobheka ngoJanuary uma kudingeka abadlali abasha.

“Sisazama ukuhlanganisa isikimu nabadlali abazotholana enkundleni. Asifuni ukuthenga abadlali sesitatazela ngoba lokho kuzophazamisa izinhlelo zethu zokubumba isikimu. Sihlela ukuhlanganisa abadlali esinabo.

Kusele izinyanga ezintathu kuphela ngaphambi kokuthi kuvulwe iwindi ngoJanuary. Lokho kuzosinikeza ithuba lokubona izindawo ezidinga ukuqinisa, okwamanje sibophele iqembu eliqinile. Abadlali ababanga ijezi baningi kakhulu,” kubeka lomqeqeshi