Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi ukuhlulwa yiMaritzburg United kuyamcasula ngoba ezakhe ziyeke ithuba elihle lokuqhwakela kwiDSTV Premiership.

IBucs ihlulwe ngo 1-0 eHarry Gwala Stadium namuhla. Igoli leTeam of Choice lishaywe u-Amadou Soukoma okube yiphenathi esiwombeni ngomzuzu ka-83.

IBucs iphinde iqhubekile nokushweba phambi kwamapali kulomdlalo. Abagadli uZakhele Lepasa noBienvenu Eva Nga bahluleke ukubhakuzisa inethi sebebhekene nonozinti uKing Ndlovu ogcine eqokwe njengomdlali ovelele.

IBucs ithole isijeziso sokugeja kwayo ngesikhathi uSoukona esevalela enethini iphenathi. U-Olisah Ndah ubedlale kabi uSiboniso Conco ebhokisini.

URiveiro ukhale ngokubaleka kwethuba lokuhlola esicongweni.

“Ngicasukile ngoba ukunqoba namuhla bekuzoqinisekisa ukuthi siyaqhwakela esicongweni seligi kodwa akwenzekanga kanjalo.

Kodwa sengijabuliswa yikho ukuthi sihleli endaweni ephezulu kwiligi. Iligi isavulekile okwamanje, wonke amaqembu ayalingana. Wonke amaqembu athwala kanzima, akusiyona iPirates kuphela,” kubeka uRiveiro ecashunwa abeSuperSport TV.

IBucs ibishaywa iTeam of Choice okokuqala ngqa kusukela ngesizini ka-2015/16.

UGoodman Mosele ubengekho esikimini njengoba edonsa isigwebo sekhadi elibomvu alithole bedlala neRoyal AM kwiMTN 8 ngesonto eledlule.

URiveiro uqoke ukusebenzisa uMiguel Timm noThabang Monare esiswini.

“Siwatholile amathuba okunqoba umdlalo kodwa sihlulekile ukuwasebenzisa. Besishoda kakhulu uma sesihlasela.

Sihlulekile ukudlala ibhola ezikhaleni ezincane. Besingabatholi kahle abagadli. Bebesihlasela ngokuzuma njalo uma bethole ibhola.

Izinto zishintshe kakhulu esiwombeni sesibili, nelilodwa iqembu ebelikhombisa intshisekelo yokuwina. Sihlulekile ukuqedela amathuba esiwatholile, sibe nebhadi,” kubeka lomqeqeshi.