Umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka uthi kumkhululile emoyeni ukunqoba bebhekene nomkhaya iGolden Arrows emdlalweni weDSTV Premiership eHarry Gwala Stadium. 

Igoli likaMenzi Masuku ngomzuzu wesihlanu libuyise injabulo ekhempini  yeThwihli Thwahla. IRoyal AM ibisiqede imidlalo emihlanu ingakaze inqobe kuyona yonke imiqhudelwano. 

UMaduka uthi lamaphuzu amathathu abuyise ukuzethemba eqenjini kwazise ubeseqala ukuzinuka amakhwapha njengomqeqeshi. 

“Bekubalulekile ukunqoba ngoba abadlali bebedinga ukubuyelwa ukuzethemba. Ukuhlulwa imidlalo eminingi ilandelana kuyakwehlisa ukuzethemba. 

Sifake umoya kusukela kusaqala umdlalo. Abadlali bakwazile ukufaka i-Arrows ngaphansi kwengcindezi. 

Ngisho nabadlali bakhombise ukukhathala sekuzophela umdlalo. Bebebanjwa amajaqamba ngoba umgiqqo ubuphezulu kakhulu. Lamaphuzu azobuyisa ukuzethemba,” kuchaza uMaduka ekhuluma nezintatheli sekuphele umdlalo. 

UMaduka ubuzwe ngoClinton Larsen omataniswa nesihlalo sakhe. 

“Angiboni kufanele ukuthi ngiphendule ngamahebezi, kunalokho nginake umsebenzi. Udaba olunjalo luzonakwa yizikhulu. 

Kufana namahebezi kimi ngoba abaphathi beqembu abangitshelanga lutho,” kuchaza uMaduka.

_________________________________________________________________________________________

PROMOTION

Bhalisa i-account ePlaya Bets uthole ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala! Ngaphezu kwalokho, uthola idoposit bonus ka-20% every week! Lapho ke uyazikhethela ukuthi iyiphi ideposit ofuna ithayiselwe ngo-20%, kanye ngesonto.

Nakhu okunye ongakuthola:

R50 Free Sports Bet 😉

+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️

Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa

Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar