Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ukholwa ukuthi ukunqoba bebhekene neSekhukhune United kuzokwehlisa ingcindezi kubadlali.
UThabiso Monyane ushaye igoli elinqobise iBucs ngomzuzu ka-79, kwachaza i-Orlando Stadium.
Ngemuva komdlalo, uRiveiro ubeke kanje esekhuluma nabeSuperSport TV.
“Ngiyabajabulela abadlali ngoba kuzokwehla ingcindezi kubo. Angikhulumi ngomdlalo weKaizer Chiefs eFNB Stadium ngoba kusafanele sijabulele lomphumela.
Bezinzima izinsuku ezedlule ngoba besihlulwa yizinto ezincane. Besidinga ukuwunqoba lomdlalo.
Kufanele sijabule noma sihlule amaqembu amancane. Abadlali bayazikhandla ukuze bezotholela iqembu imiphumela, kufanele nibuqonde ubunzima bokunqoba imidlalo,” kubeka uRiveiro.
Lomqeqeshi ukhulume ngokubaluleka kokuqhuba ifomu kwiligi.
“Sifuna ukunqoba imidlalo ngoba kufuneka lokho kwiPirates. Sifuna ukuqhubeka nefomu yethu,” kubeka uRiveiro.
IBucs izokwamukela umgadli uZakhele Lepasa ngoMgqibelo emdlalweni womkhaya. ULepasa ubengekho emdlalweni ngoba edonsa isigwebo samakhadi.
_________________________________________________________________________________________
PROMOTION
Bhalisa i-account ePlaya Bets uthole ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala! Ngaphezu kwalokho, uthola idoposit bonus ka-20% every week! Lapho ke uyazikhethela ukuthi iyiphi ideposit ofuna ithayiselwe ngo-20%, kanye ngesonto.
Nakhu okunye ongakuthola:
R50 Free Sports Bet 😉
+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️
Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa
Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar
