Umqeqeshi weGolden Arrows uMabhudi Khenyeza ukwamukele ngenhliziyo emhlophe ukuthola induku kwiRoyal AM ebahlule ngo 1-0 koweDSTV Premiership izolo, kodwa usola ukukhathala kubadlali bakhe.
Igoli leThwihli Thwahla lishaywe uMenzi Masuku ngomzuzu wesihlanu. Abafana Bes’thende bahluleke bancama ukubuya emdlalweni, kwala ngisho sebethola iphenathi egejwe uKnox Mutizwa esiwombeni sesibili.
I-Arrows ibihlulwa okwesibili kulandelana kwazise ithole isibhaxu sika 3-0 komkhaya AmaZulu ngempelasonto.
Ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo, uKhenyeza ubeke kanje:
“Kuyaphoqa ukuvuma induku kwesinye isikhathi, sizozama ukulungisa izindawo esibhacaze kuzo.
Siyinqobile imidlalo efana nalena ngaphambilini. Besikwazi ukusebenzisa amathuba okushaya amagoli. Angeke ngibasole abadlali.
Ngiyayibongela iRoyal AM ngoba izame okusemandleni ivikela igoli layo. Angikhumbuli besihlasela esiwombeni sesibili. Bekuyisimo esifanayo ngisho emdlalweni waMaZulu.
Kukhona abadlali abadinga ikhefu ukuze kuzongena abanye abangakhathele. Sesidlale kathathu ezinsukwini ezinhlanu. Sizoqhubeka nokulwa ngoba wonke amaqembu akhala ngokusondelana kwemidlalo,” kubeka uKhenyeza.
I-Arrows izodlala noSuthu emdlalweni weligi ngoMgqibelo.