Umdlali weMamelodi Sundowns uLebogang Maboe uthi uyamjabulisa umdlalo wabo neChippa United ozodlalwa isaqala isizini.
“Kufanele siqhubeke nokuzethemba, sikholwe ukuthi izinto zizoshintsha. Angeke izinto zenzeke kalula, kuzoba khona izingqinamba kwezinye izindawo. Isikhathi esibhekene naso yisona esokujwayela izingqinamba.
Ngibona sinenhlanhla yokudlala neChippa ekuqaleni kwesizini ukuze sizokwakha umgqigqo uma sekulandela eminye imidlalo, sikwazi ukuyinqoba kalula.
Kufanele silwele ukuphuma kulesimo, sitakule iqembu. Kuzoba nzima, isizini izodonsa kodwa sidinga ukusizana , siqgqugquzelane singabadlali,” kubeka uMaboe.