Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ukhalaze ngokubhacaza kukanompempe emdlalweni weDSTV Premiership beshaya iChippa United ngo 1-0 izolo ebusuku.

UPeter Shalulile ushaye igoli elitakule iSundowns emizuzwini yokugcina sekufakwe isikhathi sikanompempe.

UMngqithi ukhale kakhulu ngonompempe, wadalula ukuthi bekufanele afake imizuzu eminingi ebhodini ngoba iChippa ibimosha isikhathi emdlalweni.

“Angijabule neze ngonompempe bakuleli. Unozinti ubelala isikhathi eside, ziningi izinguquko ezenziwe emdlalweni kodwa kwengezwa imizuzu emine kuphela ebhodini. Bekufanele kufake noma imizuzu eyisikhombisa.

Sekunesikhathi eside kwenzeka lento. Sengijwayele ukubona amaqembu emosha isikhathi kwiPSL. Ukube iSundowns ihluliwe, bekuzothiwa ngikhuluma ngoba sihluliwe emdlalweni.

Iqiniso ukuthi sidlala imizuzu emincane kuPSL. Uma ubhekisisa, ibhola lihlala imizuzu engu-43 enkundleni kodwa kufuneka sidlale imizuzu engu-90 ngoba onompempe bayahluleka ukunaka ukuthi kumoshwa isikhathi. Abagadi ukuthi kufuneka kwengezwe isikhathi esingakanani.

Akulungile ukudlala imizuzu engu-43 kuphela kwiPSL ekubeni umdlalo ufuna imizuzu engu-90,” kubeka uMngqithi ekhuluma nabeSupersport TV.

UMngqithi uphinde wakhalaza ngonompempe wesine, wamsola ngokuhudula izinyawo sekufanele kushintshe iSundowns, okuphele ngokuthi u-Aubrey Modiba akhishwe ngekhadi elibomvu.

“Ikhadi eliphuzi likaModiba belingenasidingo. Simbuzile unompempe wesine ukuthi kungani ethatha isikhathi eside uma kufanele ashintshe.

Ubehleli namabhodi, egoloza ukushintsha. U-Aubrey wenze iphutha, wabamba ibhola ezitshela ukuthi umdlalo uzoma ukuze kuzoshintshwa.

Iqiniso ukuthi unompempe wesine bekufanele aphathe amaphepha ezinguquko kusenesikhathi esanele. Silinde kwaze kwama umdlalo, kodwa usalungisa amabhodi. Sikhalaza ngalokho thina,” kubeka uMngqithi.

GibelaSport