Umqeqeshi weChippa United uDaine Klate akafuni ukucabanga kakhulu ngemiphumela egqozayo eqenjini lakhe.

IChippa ibhekene nobunye ubunzima kwiligi njengoba izotholana nabavikeli beligi iMamelodi Sundowns namuhla eNelson Mandela Bay Stadium.

IChilli ithole isibhaxu sika 3-2 emdlalweni odlule weligi ibhekene neGolden Arrows. Yagcina ukunqoba ibhekene ne-Orlando Pirates maphakathi no-Agasti.

UKlate uthi angeke atatazele yize imiphumela ibhimba futhi akahlelile ukwenza izinguquko eziningi eqenjini elihluliwe ngoMgqibelo.

“Iligi isanda kuqala kodwa asikho isikhathi esanele uma ungumqeqeshi. Kudingeka imiphumela kuphela. Izinto zibukeka kabi uma ungasayitholi imiphumela. Ngehlise umoya, angitatazeli.

Angihlelile ukwenza izinguquko eziningi. Sizama ukuthola isikimu, ukushintsha kakhulu akulungile emdlalweni weSundowns. Ngiphoxekile ngokuhlulwa yi-Arriows kodwa kufanele silungiselele umdlalo weSundowns,” kubeka lomqeqeshi.

ISundowns nayo ibuya endukwini njengoba ishaywe iSuperSport United ngo 2-1 ngesonto eledlule.

Kubukeka inzima indlela ezothathwa iChilli Boys njengoba iDowns inerekhodi lokungahlulwa kabili imidlalo Ilandelana. IChippa ibingakaze yahlula iDowns emdlalweni weligi.