Umdlali we-Orlando Pirates u-Abel Mabaso uyavuma ukuthi iqembu liphoxe abalandeli nezikhulu kulesizini.

IBucs iqede isizini ilele endaweni yesithupha kwiDSTV Premiership yaphinde yashawa sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wamanqamu weCAF Confederations Cup ibhekene neRS Berkane.

IPirates iphinde yaphuthelwa iMTN 8 ephume kuyo ngokushesha, yakhishwa nakwiNedbank Cup. IBucs ibikhombisa izimpawu zokubuyelwa ifomu kodwa iphinde ibhacaze kweminye imidlalo, obekudalwa ukugeja oqekelele bamathuba.

Abaqeqeshi beBucs ababambisene uFadlu Davids noMandla Ncikazi bakuvezile ukuthi iqembu belibanikeze umbandela wokuqeda endaweni yesibili ngoba iSundowns yanqoba iligi kusakhanya.

Kubhede kakhulu ngoLwesihlanu olwedlule iPirates idlala ngokulingana ngo 2-2 neRoyal AM yize kwayiwa ekhefini ihamba phambili ngo 2-0. NgoMsombuluko, iBucs ishaywe iSuperSport United ngo 2-0, kwashabalala namathemba okuqeda endaweni yesithathu eyayizobafaka kwiCAF Confederation Cup ngesizini ka-2022/23.

UMabaso uthi baphoxile kulesizini.

“Sizamile ukuzinikela yize siphoxekile kulesizini. Okuphoxa kakhulu ukuqeda endaweni yesithupha kwiligi. Besifuna ukuqeda endaweni yesithathu ukuze sizobuyela kwiCAF ngesizini ezayo. Ngebhadi angikwazanga ukunqoba.

Ngifuna ukubonga kubalandeli ngokweseka iqembu kumnyama kubomvu. Ngiyabonga kubo, ngicela baphephe emakhaya, balindele isizini ezayo,” kubeka uMabaso.