Kushode ozothi ‘welele’ usihlalo weTottenham Hotspur uDaniel Levy ethi umgadli uHarry Kane (29) usangayinqoba indebe kuleli qembu.

Sekudlule iminyaka ewu-15 iTottenham inganqobe ndebe, nakhona yagcina nge-EFL Cup. Ayikaze iyinqobe iPremier League selokhe yasungulwa.

UKane uzoba yi-free agent ngonyaka ozayo, okusho ukuthi ekupheleni kuka-2023 uma engayisayinile inkontileka entsha kwiSpurs usengaqala axoxisana namaqembu angathanda ukuwajoyina. Abaningi bathi lo mgadli, osephule inqwaba yamarekhodi kwiPremier League, ushoda okungenani ngesicoco seligi ukuze abalwe nezinkakha emlandweni webhola e-England.

ULevy uthi uKane usengakuzuza lokhu kwiSpurs.

“Engayinqoba indebe kwiSpurs, angikungabazi lokho,” kusho uLevy ekhuluma eCambrige University.

“Kodwa nokuba yinkakha kubaluleli. Ukuba wumshayi magoli ohamba phambili kwiTottenham nakhu kusho ukuthi uzakhela umlando. Ngiyathemba ngelinye ilanga sizoba nesichuse sokumhlonipha enkundleni yethu.”

Inkulumo kaLevy ibeka ngokusobala ukuthi banesifiso sokumgcina lo mdlali okubikwa ukuthi ufunwa yiBayern Munich neManchester United.