Umgadli omusha weSekhukhune United uVictor Letsoalo usephumele obala ngokumataniswa neKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates yize egcine ephelele eLimpopo.

Kumangale abathandi bebhola abaningi kuleli ngenyanga edlule ngesikhathi uLetsoalo esayina kwiSekhukhune. Lomdlali wayemataniswa nendlela ebheke eGauteng ngaphambi kokusayina kwiBabina Noko.

IGibela Sport yazithilela ngokwayo ukuthi iRoyal AM yabeka u-R20 million ekhanda likaLetsoalo, okuyinto eyabalekisa iChiefs eyayimfuna uthuli.

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane waphumela obala ngokufuna uLetsoalo.

ULetsoalo uthi iSekhukhune kuphela eyakhuluma ngokusemthethweni.

“Akusikho ukuthi bengingafuni ukujoyina iChiefs noma iPirates. Ngisayine kwiSekhukhune ngoba ithuba lizifikele lona. Udaba lokufunda iChiefs lwaba ngepolitiki kakhulu, yingakho ngingasayinanga kwiChiefs, ngaphelela kwiSekhukhune. Ngigculisekile ngalokho,” kubeka uLetsoalo ecashunwa abeSABC Sport.

ULetsoalo uqhubekela phambili nempilo, usekulindele ngabomvu ukuqala kabusha ngaphansi kwesandla sikaKaitano Tembo kwiSekhukhune United kulesizini.

“Ngibone kuyithuba elikhulu ukujoyina iSekhukhune. Ngiqoke yona ngoba iyiqembu laseLimpopo, bengidlalela neBaroka kumasizini adlule.

ISekhukhune isondele nasekhaya, lokho kungigqugquzele ukuthi ngisayine kuyo. ISekhukhune iyiqembu elikhulu, angithi idlala kuPremier League nayo? Ngijabule kwiSekhukhune,” kubeka uLetsoalo.

ISekhukhune izovula neMaritzburg United emdlalweni wokuqala eHarry Gwala Stadium.