USibusiso Vilakazi uthi usefuna ukungena enkundleni, a size iqembu lakhe elisha iTS Galaxy lidlale kangcono kunesizini ephelile njengoba belivika izembe.

UVilakazi ujoyine iGalaxy ngenyanga eyedlule ngemuva kokushiya kwiMamelodi Sundowns ahlale kuyo amasizini ayisithupha.

UVila unqobe izindebe eziningi kwiDowns, okubalwa kuzo amaligi amahlandla kulandelana neCAF Champions League.

Lomdlali ubeyingxenye yeBafana Bafana ngesikhathi esashisa izikhotha kwiSundowns. Ukulimala njalo nokweqiwa yijezi kugcine sekumqhelisa esikwatini uVila. Nakhona eChloorkop, izinto bezimbhedela ngoba isikimu ubesizwa ngendaba.

UVilakazi ukhulume emcimbini weqembu obuhlelwe kwaMhlanga, eMpumalanga ngeSonto. Uthe usezizwa esekhaya.

“Anginanazanga ngokujoyina ngesikhathi kuvela ithuba. Iqembu likhombise ukungithanda. Bengijabule kakhulu ngesikhathi ngijoyina ngoba bengizothatha uhambo olusha.

Ngijabule ngendlela engamukelwe ngayo. Iqembu liwumndeni, kunenhlonipho, uthando nomoya wokuzwana emndenini weTS Galaxy,” kusho uVilakazi.

IGalaxy isinde ezembeni ngesizini ka-2021/22. Kusize ukuqashwa kukaSead Ramovic ofike iqembu lingakaze linqobe nowodwa umdlalo.

“Abadlali bayakholwa futhi balambile. Kukhona nomuzwa wokufuna ukwenza kangcono eqenjini. Sifuna ukwenza kulesizini uma siqhathanisa nesizini eyedlule. Sifuna ukuqeda endaweni ephezulu ngoba besihleli phansi ngesizini ka-2021/22,” kubeka uVilakazi.