IRB Leipzig isinyukelwa ithemba lokusayinisa owayengumgadli wayo uTimo Werner kwiChelsea.

Udaba lubikwe abeSky Sports eGermany.

Kuvela ukuthi izingxoxo phakathi kwamaqembu womabili zihamba ngesivinini esikhulu, iLeipzig izimisele ngokumsayinisa ngokugcwele uWerner. Leliqembu Alina Kinga nokumboleka umdlali uma iChelsea ivuma.

UWerner (26) usayine kwiChelsea eminyakeni emibili edlule esuka kuyo iLeipzig. Uthwale kanzima eStamford Bridge ehluleka ukufika nefomu yakhe yokuqhulula amagoli. IChelsea yashaya phansi u-45 million wopondo baseBritain ithenga uWerner.

Kubikwa ukuthi lomgadli uzimisele ngokubuyela kwiLeipzig ngoba kuzonyuka amathuba akhe okuthola indawo esikwatini Seger any esizolibangisa eQatar kwiNdebe yoMhlaba ngoNovemba.

Ubudlelwano phakathi kukaWerner nomqeqeshi uThomas Tuchel abukho buhle, okuyisizathu esenza lomdlali afune ukuhamba yize umqeqeshi engathandi.