Owayengumdlali weMamelodi Sundowns osegijima kwiSuperSport United, uLyle Lakay, uthi uyazi bancinzelwa amakhwapha abadlali beDowns ngaphambi kokubhekana nomkhaya babo namhlanje.

ISundowns naMatsatsantsa bazotholana phezulu namhlanje  eLucas Moripe Stadium koweligi. ISuperSport izobe ibheke ukuba yiqembu lokuqala ukuthatha amaphuzu aphelele kwiDowns kule sizini njengoba ingakayizwa induku kwiDStv Premiership.

Iqembu elizonqoba kulo mdlalo lizogudluza iCape Town City esicongweni seDSTV Premiership. ISuperSport yiqembu lokugcina elaguqisa iDowns kwiligi.

ULakay, owahamba kungasekuhle eChloorkop, uthi umdlalo weDowns uyafana neminye. 

“Angihlelile ukuziphindisela kwiDowns. Sengiqhubekele phambili ngempilo. Ngaphoxeka ngesikhathi ngihamba eqenjini kodwa sengikudlulisile okwenzeka. 

“Ngazitshela ukuthi sekufike isikhathi sokuhamba ngoba noLangerman (Tebogo) wangivulela isikhala. 

“Ngazinqoba zonke izindebe kwiPSL. Kwasala yona iCAF Champions League. Ngakunqoba konke kwiSundowns, akusekho engingakwenza,” kuchaza uLakay ekhuluma nabePhaakathi. 

ULakay wayekhona esikimini seDowns eyahlulwa yiSuperSport. Lomdlali uthi iSundowns iyashayeka yize iliphakamise kakhulu izinga. 

“ISundowns iyashayeka yize beliphakamise kakhulu izinga. Bayiqembu elidinga induku. Ngibuya kuyona iSundowns, kufanele siyifundisise. 

“Ngiyakhumbula ukuthi ngaba nephutha elaholela kwigoli ngesikhathi sishaywa yiSuperSport ngonyaka odlule. Iyashayeka iSundowns noma singayincoma. 

“Abadlali beSundowns bengafakaza ukuthi iSuperSport iyona ebafakela ukushisa eminyakeni emibili edlule,” kubeka uLakay.