Umdlali weMamelodi Sundowns, uTerrence Mashego, akalilahlile ithemba ngokubuyela esikwatini seBafana Bafana yize elizwa ngendaba ijezi eqenjini lakhe. 

UMashego uxinwa ukulimala selokhu ajoyina iSundowns ngoSepthemba 2022 esuka kwiCape Town City. Lomdlali usabonakale emidlalweni engu-18 kwiDowns. 

Lomdlali udliselwa ogageni u-Abdelmounaim Boutouil no-Aubrey Modiba oyisethenjwa kumqeqeshi uRhulani Mokoena nakwiBafana. 

Yize i-AFCON izoqala ezinyangeni ezimbili, uMashego usanethemba lokubizelwa esikwatini esizolibangisa e-Ivory Coast. Lomdlali uthi kuzofanele athole ijezi eqenjini. 

“Angikho esikwatini ngoba angikalitholi ithuba lokudlala eqenjini. Iqembu lisaqhuba kahle, u-AB (Boutouil) no-Aubrey bayazimisela. 

Ngilinde ithuba lokudlala kwiSundowns, angeke ngizifakele ingcindezi ngoba ngibuya ekulimaleni. Kufanele ngiqinisekise ukuthi ngililungele ithuba lokudlala,” kubeka uMashego ecashunwa abeSowetan. 

UMashego unemidlalo emihlanu eqenjini lesizwe ngaphansi kwesandla sikaHugo Broos.