Istobha seKaizer Chiefs, uZitha Kwinika, siyayiphika eyokuthi abadlali baMakhosi bayahluleka ukumelana nama set-piece. IChiefs isingenise amagoli awu-15 kwimdlalo ewu-12 kule sizini kwiDStv Premiership, amanye awo angene ngama-free kick nama-corner.
UKwinika uthu kunokukhomba umunwe kubadlali beChiefs, kumele kunconywe amanye amaqembu ngamaqhinga awo kuma set piece uma ebhekene naMakhosi.
“Siyayigcizelela eyokwenza kangcono kuma set piece kodwa kumele sincome namanye amaqembu. Kule ligi amaqembu ayakwazi ukuhlela nokuqhamuka nezinto ezizowasebenzela.
“Siyazama kodwa…kwezinye izikhathi sibuye singafiki kuqala ebholeni njengoba kwenzeka sidlala neTS Galaxy ibhola lingena phakathi nabadlali. Engizama ukukusho ukuthi amanye amaqembu ayayibuka indlela esivala ngayo emuva, ngakho yinto okumele sizame ukuyilungisa,” kusho uKwinika.
“Angifuni kodwa ukuthi sithambile kuleyo ndawo. ITS yathola ithuba elilodwa yakora. Awukwazi ke ukuthi sintekenteke kuleyo ndawo ngoba abakoranga inqwaba yamagoli.”