Umdlali weBafana Bafana uTerrence Mashego uthi ukwenza kahle kweqembu kwi-AFCON akuwona umphumela wokugcwala kwabadlali beMamelodi Sundowns esikimini. 

UMashego uthi ikhempu yeBafana iyindawo yobumbano, akekho umdlali obandlululwa ngoba edlalela elinye iqembu. 

IBafana ingene kuma-semifinals kulandela ukushaya iCape Verde ngo 2-1 sekukhahlelwa amaphenathi ngoMgqibelo ebusuku. 

INingizimu Afrika izobhekana neNigeria kuma-semifinals namuhla, okuwumdlalo olindelwe ngabomvu kulamaqembu abophe amabhawodi emuva. Womabili lamaqembu aseqede imidlalo emine ilandelana engakaze angenelwe yigoli. 

“Lomqhudelwano unemiphumela engaqondakali. Bekufuneka sikholwe ukuthi singafinyelela kulesigaba. 

Izinto zihlukile eqenjini lesizwe. Akusebenzi ukuthi udlalela iSundowns, Kaizer Chiefs noma iPirates. Kuphoqa ukuthi abadlali babumbane, badlalele iqembu lesizwe. Akuchazi lutho ukudlalela iSundowns noma elinye iqembu. Ubumbano olufunekayo,” kuchaza uMashego ecashunwa abeDiski Times. 

UMashego uthi ulindele umdlalo onzima kwiNigeria enabadlali abahlonishwayo emhlabeni. 

“Kuzoshuba emdlalweni ngoba iNigeria inabadlali abanohlonze. Nathi sineqembu elihle, kuzodlaliswana ngendlela engibuka ngayo. 

Ngiyaluthemba udonga lwethu, sesinemidlalo emine singangenelwa amagoli. Sizolwa enkundleni. Angeke sizifakele ingcindezi, kufanele singatatazeli ukuze sizoba nethuba lokungena kowamanqamu,” kuchaza uMashego.