Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi kufanele balikhohlwe ngokushesha ihlazo lokuwashiswa ijezi ekhaya koweCarling Knockout njengoba bezobhekana neSuperSport United koweligi namhlanje.
IBucs ithelwe othulini ngo 3-2 ibhekene neMagesi FC kowe-last 16 weCarling ngoMgqibelo, e-Orlando Stadium.
IBucs, ebithwelwe ngeqoma, ibhabhadiswe ngesiwombe sokuqala, kwayiwa ekhefini ilandela ngemuva ngamagoli amathathu abevalelwe uDelano Abrahams, Edmore Chirambadare nomkhonto ohwaze ekhaya kuThabiso Sesane.
“Akujabulisi neze ukukhishwa ekhaya. Kufanele siwamukele ngokushesha umphumela ngoba siyabuya ngoLwesibili. Sinomdlalo neSuperSport United, kuzomele silwele ukugcina wonke amaphuzu amathathu,” kusho uRiveiro ekhuluma esithangamini nabezindaba e-Orlando.
URiveiro uphinde wakhala ngokusondelana kwemidlalo yeBucs njengoba imatasa nakweminye imiqhudelwano okungabalwa kuyo iBetway Premiership neCAF Champions League.
“Kunzima ukuhlaziya lomdlalo, kuzobukeka sengathi ngibeka izaba uma ngikhuluma kakhulu kodwa imidlalo yethu isondelene eduzane. Sinabadlali abasezingeni yingakho simatasa kwimiqhudelwano eyahlukene.
“Kunabadlali ababizwa emaqenjini esizwe, okuyinto ekhomba ukuqhuba kahle kweqembu. Sijabule ngabadlali ababizwa ezikwatini kodwa sidinga izisombululo ezizoqinisekisa ukuthi siqhuba kahle kuyona yonke imiqhudelwano,” kusho uRiveiro.
URiveiro uthi iligi Ilona ebaluleke kakhulu kulemiqhudelwano abasagijima kuyo.
“Iqiniso ukuthi iligi iyona ebaluleke kakhulu kulemiqhudelwano esiyidlalayo kodwa sizoqhubeka sizimisele nakweminye imiqhudelwano. Asibozanga kakhulu kodwa kunezikhathi lapho sehlise izinga, sagcina singakwazanga ukuqhubekela kumzuliswano olandelayo,” kubeka uRiveiro.