Umqeqeshi weMoroka Swallows uSteve Komphela ukholwa ukuthi iMamelodi Sundwns isazobhekana nenkulu inkinga yokugqilazeka kwabadlali kulesizini ngexa yemidlalo eminingi abazoyidlala. 

Njengoba iDowns izodlala kumqhudelwano we-African Football League (AFL) ngempelasonto, uKomphela uthi isikwati sabo sizobuthwala ubunzima yize siqukethe abadlali abaningi. 

Yize iSundowns iwashiswe ijezi kwiCarling Knockout, isazodlala kwiCAF Champions League, iDSTV Premiership neNedbank Cup. 

NgoMgqibelo, amaBrazilians azobhekana nePetro de Luanda kwi-AFL. 

“Ngiyabazwela kakhulu, imidlalo yabo isondelene eduzane. Kusafanele bahambele kwelinye izwe yize kunjalo, ekubeni kunzima kakhulu ukuyodlala namaqembu ase-Afrika. 

Impela isikwati sabo siqinile kodwa kunabadlali abangajwayele ukudlala. Ukushintsha abadlali ababili enkundleni kuyaphazamisa kumgqiqgqo. 

Ngiyabacabangela ngoba bazokhathala ngisho nangokomqondo. Bazodlala inqwaba yemidlalo,” kubeka uKomphela obekhuluma esithangamini nabezindaba eParktown emahhovisini ePSL izolo. 

UKomphela uthi amanye amaqembu kufanele azame ukuyisunduza iDowns esicongweni uma sekubonakala ukuthi iyakhathala. 

“Bazobuzwa ubunzima uma imidlalo isondelene. Bazokhathala, kudingeka amanye amaqembu ayisuse esicongweni. 

Amanye amaqembu anethuba lokuyidlula iSundowns. Angiboni bezoqhubeka nefomu yabo emidlalweni eminingi. Kuzoba nzima, ngiyabazwela abaqeqeshi bayo,” kusho uKomphela. 

UKomphela uthi uzibekele umbandela wokuqeda behleli endaweni engaphezulu ukudlula eyangesizini edlule.