Unikezwe isikhathi esincane sokukhuluma nabeSuperSport TV umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic obekade ecele ngaphambi kokuqala komdlalo ukuthi ufisa ukuphawula ngempi eqhubeka e-Israel naseGaza.
Lokhu kwenzeke sekuphele umdlalo weCarling Knockout iGalaxy ishaya iMamelodi Sundowns ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi eMbombela Stadium.
URamovic uthi imthusile impendulo yabakaSuperSport TV ngoba iNingizimu Africa idlule esikhathini esinzima sobandlululo.
Engxongxweni kaRamovic neziko lezindaba IDiski Times, lomqeqeshi uthi ubecele kahle ukuphawula uma sekuphele umdlalo.
“Ngaphambi kokuqala komdlalo, ngicele abakwaSuperSport ukuphawula ngesigameko sasePalestine. Abavumanga ukuthi ngikhulume.
Ngichazile ukuthi angifuni ukukhuluma ngomdlalo, ngiqhubekile ngokukhuluma ngendaba yasePalestine. Bangivalile, nami bengizama ukubeka uvo lwami.
Ukubeka uvo lwami akudingi ukuthi ngibe usopolitiki. Bengifuna ukuveza ukuthi abadlali bethu bayazwelana nabantu basePalestine, noMengameli weNingizimu Afrika (Cyril Ramaphosa) usehlalukile ukuthi izwe alihambisani nezenzo zodlame.
INingizimu Afrika idlule kubandlululo. IPalestine ibhekene nesimo esifanayo. Bangivalile ngoba ngikhulume lokho,” kusho uRamovic.
Ebuzwa ngoswazi angaluthola kwiPSL ngenxa yenkulumo yakhe, uRamovic uthe ukukhuluma ngobunzima bempilo kwabanye abantu kubalulekile.
“Ngibeke umbono wami, bangivala, kunalokho umabonakude wakhombisa abalandeli.
Bengifuna ukuphawula ngoba nginendaba ngabantu abashonile, akukhathalekile ukuthi banobuzwe basePalestine noma e-Israel. Ngiphatheke kabi ngoba uSuperSport unqabile ukuthi ngikhulume okusenhliziyweni,” kusho uRamovic.