Umdlali weMoroka Swallows uTlakusani Mthethwa uncoma umqeqeshi uSteve Komphela ngokushintsha ukucabanga kubadlali mayelana nokuhlulwa emidlalweni. 

ISwallows ikhombisa ukuvuthwa kule sizini njengoba kuhleli uKomphela esihlalweni. 

UMthethwa, obekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo weDSTV Premiership neKaizer Chiefs ngeSonto, uthe uKomphela akafuni nokuyikhuluma eyokuthelwa ngenduku. 

UMthethwa uthi uKomphela ufike nezifundiso azithole kwiMamelodi Sundowns eshaya kwasani kwiDSTV Premiership. 

“Yonke imidlalo inengcindezi ngoba umqeqeshi ufuna siyinqobe imidlalo. Uyacasuka noma sibuye nephuzu elilodwa. Kuyabonakala ukuthi usuka eqenjini ebelijwayele ukunqoba. 

“Kufuneka sibuye namaphuzu amathathu uma sidlala. Umdlalo weChiefs awusifakeli ingcindezi. Kudala saqala ukuyihlelela iKaizer Chiefs. 

“Ingcindezi inganyuswa ukugcwala kweDobsonville, kodwa sesikujwayele lokho. Sizobafundisa abadlali abangayijwayele inkundla egcwele,” kuchaza uMthethwa. 

Lo mdlali uthi bazibekela umbandela wokuthola iphuzu uma behlulwa ukunqoba. 

UMthethwa uthi iphutha elenzeka emdlalweni wePolokwane City lizolungiswa kwiChiefs. 

“Sinezinhlelo zokunqoba imidlalo, kuyenzeka silwele iphuzu elilodwa uma kunzima. Kunemidlalo emibili esingayiwinanga eyacasula umqeqeshi. 

Ukulahla amaphuzu kuleyomidlalo kanye nokuhlulwa ukuqeda ngePolokwane kusifakela ingcindezi. 

Kufanele siwunqobe lomdlalo ngoba usekhaya. Angeke sibeke isizathu sokulwela iphuzu noma sigcine sihluliwe,” kuchaza uMthethwa.