Umqeqeshi odliwe yizembe kwisizini yakhe yokuqala kwiPremier League, uVincent Kompany, ubalwa phambili kubaqeqeshi abafunwa yiBayern Munich.
IBayern isathungatha umqeqeshi omusha njengoba isiyamemezela ukuthi uyahamba uThomas Tuchel. Umsebenzi wokuthola umqeqeshi omusha ubukeka unzima njengoba leliqembu ligajwe wuXabi Alonso, Julian Nagelsmann noRalf Rangnick.
Eminye imibiko iveza ukuthi iBayern isaxoxa noTuchel ngenkontileka entsha, kodwa lo mqeqeshi waseGermany wazwakalisa ukungenami ngokushelwa abantu abashesha baphumela obala ngokumxosha.
Ngokombiko weDaily Mail, iBayern ixoxisane neBurnley izolo ngokuthatha uKompany.
Le mibiko iphakamise imibuzo njengoba uKompany edliwe yizembe kwisizini yakhe yokuqala kwiPremier League noma ebepheka iqembu elithathwa njengelincane.
Ngaphambi kokujoyina iManchester City uKompany wayedlalela iHamburg eGermany, okusho ukuthi iBundesliga uyayazi. Uyakwazi nokukhuluma isiGermany okuzomsiza asheshe ajwayele abadlali uma eqashwa.
Ngaphandle kwalo mqeqeshi kuke kwavela nokuthi iBayern ixoxisana neRoberto de Zerbi, kodwa namanje alikaveli iqembu aya kulo njengoba eseshiyile kwiBrighton & Hove.