Umdlali waseNigeria uphule izinhliziyo zabalandeli beBayer Leverkusen evalela onke amagoli ngesikhathi beyiginqa ngo 3-0 kowamanqamu we-UEFA Europa League ngoLwesithathu.

Bekungokokuqala idliwa kule sizini iLeverkusen.

ULookman uvalele igoli lokuqala ngomzuzu wesi-12, walandela ngelinye ngoka-26. Noma umdlalo ubuphethwe yiLeverkusen, abadlali bayo bebebukeka bekhathele futhi bengawashayi amaphasi ngendlela abajwayele ukwenza ngayo. Kuthe kusabhekwe ukuthi ibuye njengenjwayelo emdlalweni, uLookman wavele washaya igoli lesithathu.

Ekhuluma ngemuva komdlalo umqeqeshi we-Atalanta uGian Piero Gasperini uncome abadlali bakhe ngokudlala ibhola elisezingeni eliphezulu kowamanqamu.

“Ngicabanga ukuthi siqophe umlando ngendlela esinqobe ngayo. Akukholakali. Sishaye iLiverpool, Sporting Lisbon ewine iligi…ngesikhathi sibhekene neLiverpool yayisesicongweni kwiPremier League. Manje sesishaye ompetha baseGermany.

“Abafana badlale kahle kakukhulu. Indlela abadlale ngayo isazokhunjulwa isikhathi eside.”