Umqeqeshi weNetherlands uRonald Koeman ushaqekile ngokuboza akubone kwezakhe zihlulwa yi-Austria ngo 3-2 emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngoLwesibili.
INetherlands izoqhubekela esigabeni se-last 16 kwi-EURO yize ithole isibhaxu. Lomphumela uyifake kwenkulu inkinga njengoba isengcupheni yokubhekana namaqembu asatshwayo kweyomkhumulajezi.
EzikaKoeman zilinganise kabili kulomdlalo esiwombeni sesibili kodwa lagcina lugobile uphondo ngomzuzu ka-80 ngesikhathi uMarcel Sabitzer evalela elokunqobisa i-Austria eqede iqhwakele kuGroup D.
“Ngibone amaphutha amaningi. Siwuqale ngenothi eliphansi umdlalo, besihluleka nokumaka ngendlela. Iqembu belingakwazi nokuqinisa amandla, asiyifakanga nengcindezi, besilahla nebhola kalula, ikakhulukazi ekuqaleni komdlalo.
“Abadlali bazamile ukunyusa umgqigqo kodwa besidlala ezindaweni okungezona. Sibozile kakhulu. Umdlalo besiwulandela. Kwakungcono sidlala neFrance, namuhla sishaye udaka,” kuchaza uKoeman ecashunwa abe-ESPN Sport.
UKoeman, onenkontileka ezoqhubekela kwiNdebe yoMhlaba ka-2026, ungene ezintangeni ebuzwa ngekusasa lakhe eqenjini lesizwe.
“Angiboni kufanele ngiwuphendule lombuzo ngoba angithandi ukubeka izimpendulo eziqondene nemibuzo efana nalena,”
“Ngizokuphendula ngolunye usuku. Kuyijoka lami ukuhola iqembu, kungcono ngoba sifinyelele esigabeni esilandelayo, sinethuba lokudlala ibhola elingcono. Ngiyabathemba abadlali, banalo ikhono. Ngicela ungibuze lombuzo (ngekusasa eqenjini) uma sihluleka kweyomkhumulajezi,” kubeka uKoeman.