Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ubona ubungozi kwiChippa United elandela ubuhlakani bukamqeqeshi uDaine Klate.
“Kuyagqugquzela ukubona umsebenzi owenziwe uDaine kwiChippa. UDaine uhlele iqembu ngendlela elungile, bayahlasela, abadlali ibhola elizumisayo.
Badlala kahle esiwombeni sesibili ngesikhathi bedlala neGolden Arrows. Babhacaza esiwombeni sokuqala kodwa babuya sebeshisa esiwombeni sesibili, okuyinto ekhombisa ubuhlakani bukamqeqeshi.
Silindele umdlalo onzima kodwa Siyazi ukuthi kulindelwe ukuthi iSundowns iwunqobe,” kubeka uMngqithi.
Lamaqembu azotholana eNelson Mandela Bay Stadium namuhla ngehora lesikhombisa ebusuku.