Owayengumdlali weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune usephikise umbono kaBobby Motaung ngesimo saleli qembu, uthi akayiboni into ephekwayo.
UKhune ubeke kanje ephendula umbono kaBobby owathi iChiefs iza kahle kule sizini kodwa abantu kumele babekezele badedele umqeqeshi uNasreddine Nabi ukuthi enze umsebenzi wakhe. Waphetha inkulumo yakhe ngokuthi ‘akuphelile ngesicoco seligi’ – okusho ukuthi ubona iChiefs isangangena embangweni noma isele ngamaphuzu awu-17 kwiMamelodi Sundowns esesicongweni.
“UBob Steak ufana nobaba kimina, kodwa angivumelani nombono wakhe,” kusho uKhune engxoxweni neSoccer Laduma.
“IChiefs angiyiboni kahle kule sizini. Ibuye idlale kahle, ibuye ingadlali kahle. Wonke umuntu ulindele ukuthi iChiefs ibambe umgqigqo. Njengamanje iChiefs ifike iwine, idlale ngokulingana, bese iyadliwa, iphinde iwine futhi. Akukhona ukubamba umgqigqo lokho.
“Kumele babuyele emuva babhekisise ukuthi yini esebenzayo nengasebenzi, bagxile kulokhu okusebenzayo ukuze iqembu lizobamba umgqigqo wokuwina. Akukho okunye engingakusho ngeChiefs.”
Ngaphandle kukaKhune, nowayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns neSuperSport United kuleli uPitso Mosimane usho okufanayo ekhuluma ngaMakhosi emasontweni amabili edlule ethi bayazama abaqeqeshi beChiefs kodwa akakaboni kahle.