Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uvika imibuzo ngokungaqokwa u-Itumeleng Khune, uthi lonozinti akakulungele ukudlala.

UKhune (35) uqokwe njengokaputeni weqembu kulesizini yize ebesizwa ngendaba isikimu kumasizini adlule.

Liyaqhubeka nokumeqa ijezi lonozinti, osele ngemuva kuBrandon Peterson noBruce Bvuma.

UZwane uthi isipiliyoni sikaKhune kungenzeka asidinge kodwa ufuna ukumbona engumqemane kuqala ngaphambi kokumbuyisela enkundleni.

Ekhuluma nabezindaba eParktown ngaphambi komdlalo weMTN 8, uZwane ubeke kanje:

“Kufanele ubheke ukuqina kukhakhayi komdlali ngamunye eqenjini. Ngane ulungile yini emoyeni nasemzimbeni? Engakwazi yini ukungena enkundleni adlale kahle?

U-Itu uqhuba kahle ejimini kodwa kunohlelo asebenza ngalo. Siyamphusha ukuze ezobuyela ezingeni eliphezulu lokudlala.

Ngabe sekufanele simbuyisele enkundleni? Isipiliyoni sakhe singasiza kodwa sidinga u-Itu ongumqemane, ohluzeke kahle ekhanda. Sifuna u-Itu ozosiza kakhulu eqenjini uma ethole isikimu.

Akulungile ukuthi simfake enkundleni ngoba sinethemba lokuthi isipiliyoni sakhe sizotakula iqembu ekubeni engalungile ngokwezinga lomzimba. Lokho kungamlimaza yena neqembu,” kubeka lomqeqeshi.