UMqondisi wezemiDlalo kwiKaizer Chiefs uKaizer Jnr Motaung ubona kungu-Arthur Zwane nethimba lakhe abazobuyisa izinsuku zenjabulo kuleliqembu.

UKaizer Jnr uthi ibhola elidlalwa yiqembu liyamkhuthaza kakhulu.

IChiefs yadlala ibhola elinenkosi phakathi ishaya iMaritzburg United ngo 3-0 eFNB Stadium kodwa amathe abuyele kwasifuba isishaywa iMamelodi Sundowns (4-0) neCape Town City (2-0) emidlalweni yeDSTV Premiership edlule.

Lemiphumela ibuyise imicabango engemihle kubalandeli beqembu.

“Sizoqhubeka nokuthemba umqeqeshi, siyakwazi esifuna ukukunqoba. Kuyenzeka unqobe kodwa udlala ibhola elingelihle. Lokho akusizi neze. Sifuna imiphumela. Kodwa indlela yokudlala, ukutholana kwabadlali, isitayela sebhola yizinto ezizothatha isikhathi,” kubeka uMotaung ekhuluma nabeSowetan.

UMotaung uthi uphatheka kabi ngemiphumela yeqembu kulezinsuku.

Esikhathini esifushane sikwazile ukukhanda isitayela sebhola esihle, sihamba kahle ohlelweni lethu. Sinyuse umoya uma sidlala. Singajabula ukubuya nemiphumela emidlalweni yethu kodwa sisabheka konke okwenzekalayo.

IGlamour Boys isichithe abadlali abangaphezulu kuka-12 kusukela uMotaung waqokelwa esikhundleni sokubheka abadlali abadingwa yiqembu.

UMotaung uncoma inkulisa yeqembu, uthi ufuna ukutakula abadlali kuyona. UZwane wasebenzisa uMduduzi Shabalala emdlalweni weligi neMaritzburg. UShabalala washaya igoli kulomdlalo yize wayengene esuka ebhentshini.

“Ukubona umdlali oneminyaka engu-18 eshaya igoli eFNB kukhombisa usiko lwethu. Kuchaza ukuthi inkulisa yethu ihlelekile. Siphumelele kumqhudelwano we-U 19 Engen. Safinyelela kowamanqamu weGauteng Development League. Ngibona izinto zihamba ngohlelo manje,” kubeka uMotaung.