Kubikwa ukuthi usexoshiwe kwiSekhukhune United uBrandon Truter kulandela ukukhishwa kweqembu kwiCarling Knockout ngempelasonto.

ISekhukhune ayikathi vu ngalezi zindaba kodwa udaba luqinisekiswe wuRobert Marawa ngeSonto ezinkundlueni zokuxhumana.

UTruter uye kumdlalo wangempelasonto kukhona okusina kumjeqeza kwiSekhukhune kodwa abaningi bebekholwa wukuthi uzowugcina umsebenzi wakhe ngoba ushaye into ecokeme ngesizini edlule futhi ufake iqembu kwiCAF Confederations Cup.

Iqembu kuthiwa lizophekwa wuMacdonald Makhubedu njengoba kusathungathwa umqeqeshi omusha.

ISekhukhune izobhekana ne-Orlando Pirates kusasa kumdlalo weligi.