Ingene ilekanyana imiyalezo yenduduzo emndenini wakwaNtuli nowakwaZungu kulandela ukuvela kwezindaba zokushona komgadli uBonginkosi Ntuli (32) obephethwe yisifo somdlavuza.

Amaqembu ePSL, abalandeli kanye nabaholi emphakathini badlulise amazwi enduduzo ezinkundleni zokuxhumana izolo nanamhlanje ekuseni.

Ngokwesitatimende seqembu, kutholowe uhlobo oluthile lomdlavuza kuNtuli kodwa beseludale umonakalo omkhulu okusho ukuthi abemancane amathuba okuthi elapheke.

Lo mdlali udlula nje ubesanda kuthatha uSinenjabulo Zungu, oyisikhulu esiphezulu kuMaZulu, njengenkosikazi yakhe.