Inkakha eyayiqhulula amagoli kwiManchester City uSergio Aguero uthi namanje akaqondi ukuthi kungani iqembu liqoke ukudayisa uRaheem Sterling kwiChelsea.

U-Aguero uthi umgadli omusha u-Erling Haaland uzodinga isikhathi sokujwayela ibhola lakuPremier League.

ICity idayise uSterling ngo-45 million wopondo baseBritain ngenyanga eyedlule. USterling ushaye amagoli angu-17 ngesizini edlule, wahlulwa uRiyad Mahrez (24) noKevin de Bruyne (19) kuphela.

USterling ubefuna isiqinisekiso sokuthi ijezi uzolithola kwiCityzens kodwa umqeqeshi uPep Guardiola akafunanga ukumnikeza impendulo ecacile.

Kungenzeka uGuardiola ubebona singekho isidingo ngoba esesayinise abagadli ababili uJulian Alvarez no-Erling Haaland. Iqembu belivele ligqishe ngoPhil Foden, Mahrez noJack Grealish.

U-Aguero uthi namanje akasiqondi isizathu sokuthi kudayiselwe izimbangi uSterling.

“Angiqondi ukuthi kungani kudayiswe uSterling. Kuyenzeka iCity ithathe izinqumo ezingacaci kahle,” kusho U-Aguero ekhasini lakhe kuTwitch.

UHaaland ubhacazile emdlalweni wakhe wokuqala kwiCity, wayeka oqekelele bamathuba behlulwa iLiverpool ngo 3-1 kwiFA Community Shield ngoMgqibelo.

UHaaland uthinte ibhola kathathu kuphela emizuzwini engu-30, nakhona ubesengxenyeni yangakubo enkundleni.

“UHaaland ujwayele eGermany kakhulu. Ubezitshela ukuthi uyedwa kuleyandawo, kwafika uVan Dijk (Virgil) ngokuphuthuma,” kubeka u-Aguero.

U-Alvarez ufike wavutha emdlalweni yize engene ngesiwombe sesibili. Ushaye igoli lokulinganisa esanda kungena.

ICity izobhekana neWest Ham kwiPremier League ngeSonto, uSterling uzobonakala neChelsea ngoMgqibelo eGoodison Park.